Umika 4 ZUL59

Isithembiso sokuthula

1 Kepha kuyakuthi ngezinsuku ezizayointaba yendlu kaJehovaiqiniswe esiqongweni sezintaba,iphakame kunamagquma,nabantu bayakugobhozela khona.

2 Izizwe eziningi ziyakuhamba, zithi:“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehovanasendlini kaNkulunkulu kaJakobe;uyakusifundisa izindlela zakhe,sihambe emikhondweni yakhe,ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,nezwi likaJehova eJerusalema.

3 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,imikhonto yazo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafuna ukulwa.

4 Bayakuhlala,kube yilowo nalowo phansi komvini wakhenaphansi komkhiwane wakhe;akakho oyakubesabisa,ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.

5 Ngokuba bonke abantu bahamba,kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethukuze kube phakade naphakade.

6 “Ngalolo suku,” usho uJehova,“ngiyakubutha abaqhugayo,ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,

7 ngenze abaqhugayo babe yinsali,abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyonikusukela manje kuze kube phakade.

8 Wena mbhoshongo womhlambi,negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”

9 Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?Ayikho inkosi kuwe,ubhubhile umluleki wakho,lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.

10 Yiba nemihelo, uzale,ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo,ngokuba manje uyakuphuma emzini,uhlale endle,ufike naseBabele,lapho uzakophulwa khona;lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.

11 Manje izizwe eziningi zikubuthanele;zithi: “Malingcoliswe,amehlo ethu alibuke iSiyoni.”

12 Kepha azazi imicabango kaJehova,aziqondi amasu akhe,ngokuba uzibuthile njengezithungu esibuyeni.

13 “Suka ubhule, ndodakazi yaseSiyoni,ngokuba ngiyakwenza uphondo lwakho lube yinsimbi,nezinselo zakho ngizenze insimbi;uyakuchoboza abantu abaningi,”kwahlukaniselwe uJehova inzuzo yabo,nemfuyo yabo kuyo iNkosi yomhlaba wonke.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7