Umika 3 ZUL59

Ukusolwa kwabaholi ababi

1 Ngathi:“Zwanini nina zinhloko zakwaJakobe,nani zikhulu zendlu yakwa-Israyeli ukuthi:Akusikho okwenu ukwazi ukulunga

2 nina enizonda okuhle,nithanda okubi,enebula kubo isikhumba sabo,nenyama yabo emathanjeni abo,

3 enidla inyama yabantu bami,nihlinza kubo isikhumba sabo,naphula amathambo abo,yebo, nibaqoba njengokwasekhanzininanjengenyama phakathi kwebhodwe.”

4 Khona bayakukhala kuJehova,kepha akayikubaphendula;uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathingenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.

5 Usho kanje uJehova:“Ngabaprofethi abadukisa abantu bami,abathi, bese nakho okokuhlafuna ngamazinyo abo,bamemeze bathi: ‘Ukuthula,’nongabeki lutho emlonyeni wabo bamlungisele ukulwa.

6 Ngalokho ubusuku buyakunehlela ukuze ningabi nambono,kuhlwe kini, ningabe nisabhula;ilanga liyakushonela abaprofethi,usuku lube mnyama phezu kwabo.

7 Ababoni bayakuba namahloni,ababhuli bayangaze;bayakumboza amadevu abo bonke,ngokuba akuveli mpendulo kuNkulunkulu.”

8 Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehovangokulunga nangobuqhaweukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe,u-Israyeli izono zakhe.

9 Ake nizwe lokhu nina zinhloko zendlu kaJakobenani zikhulu zendlu yakwa-Israyelieninengwa ngukwahlulelwa,nihlanekezela konke ukulunga,

10 enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,

11 elizinhloko zalo zahlulela ngemivuzo,nelibapristi balo bafundisa ngenkokhelo,nelibaprofethi balo babhula ngemali,bencike nokho kuJehova, bethi:“UJehova akaphakathi kwethu na?”Asiyikwehlelwa ngokubi.

12 Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu,iJerusalema libe yincithakalo,intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7