1 Izwi likaJehova elafika kuMika waseMoresheti ezinsukwini zikaJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, owalibona ngeSamariya neJerusalema.
2 Zwanini, bantu bonke,uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,iNkosi isethempelini layo elingcwele.
3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.
4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,nezigodi ziyakuqhekezekanjengengcina phambi komlilo,njengamanzi athululwe emaweni.
5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobenangezono zendlu yakwa-Israyeli.Siyini isiphambeko sikaJakobe?Asiyilo iSamariya na?Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?Aziyilo iJerusalema na?
6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendlenendawo yokutshala izivini,ngiqulele amatshe alo esigodini,ngambule isisekelo salo.