2 Zwanini, bantu bonke,uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho,iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani,iNkosi isethempelini layo elingcwele.
3 Ngokuba bhekani, uJehova uphuma endaweni yakhe,ehle, anyathele ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba.
4 Izintaba ziyakuncibilika phansi kwakhe,nezigodi ziyakuqhekezekanjengengcina phambi komlilo,njengamanzi athululwe emaweni.
5 Konke lokhu kungenxa yesiphambeko sikaJakobenangezono zendlu yakwa-Israyeli.Siyini isiphambeko sikaJakobe?Asiyilo iSamariya na?Ziyini izindawo eziphakemeyo zakwaJuda?Aziyilo iJerusalema na?
6 “Ngiyakwenza iSamariya libe yizihlephu zasendlenendawo yokutshala izivini,ngiqulele amatshe alo esigodini,ngambule isisekelo salo.
7 Zonke izithombe zalo ezibaziweyo ziyakwaphulwa,nakho konke elikukhokhelweyo kuyakushiswa ngomlilo,nayo yonke imifanekiso ngiyakuyenza ukuba ibe yincithakalo,ngokuba likuqoqile ngenkokhelo yobufebe;kuyakubuye kube yinkokhelo yobufebe.”
8 Ngenxa yalokho ngiyakukhala,ngihhewule,ngihambe ngihlutshuliwe,ngihamba ze;ngenze isililo njengamakhanka,ngikhale njengezintshe.