2 Bafisa amasimu, bawadluzule,nezindlu, bazisuse;bacindezela indoda nendlu yayo,umuntu nefa lakhe.
3 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:“Bhekani, ngiceba okubi ngalo mndeni,eningayikukhipha kukho izintamo zenu;futhi ningahambi ngokuzidla,ngokuba lokhu kuyisikhathi esibi.
4 Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani,bakhale isililo, bathi:‘Sichithiwe nokuchithwa;isabelo sabantu bami sinikwa omunye;yeka ukubuya kwakhe kimi;abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”
5 Ngalokho akuyikubakho ophonsa intambo ngenkathoebandleni likaJehova.
6 “Ningaprofethi,” baprofetha,basho njalo,“ningaprofethi ngalokho;ihlazo aliyikusifica.”
7 Kuyakushiwo, nina ndlu kaJakobe,ukuthi uMoya kaJehova unyinyekile;yizenzo zakhe lezi na?“Awamahle yini amazwi ami kohamba ngobuqotho?
8 Kepha kade bevukile abantu bami baba yizitha;nihlubula ingubo esambathweni sabadlula ngethemba,befulathele ukulwa.