3 Uyakwahlulela phakathi kwezizwe eziningi,anqume phakathi kwezizwe ezinamandla ezikude;ziyakukhanda izinkemba zazo zibe ngamakhuba,imikhonto yazo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafuna ukulwa.
4 Bayakuhlala,kube yilowo nalowo phansi komvini wakhenaphansi komkhiwane wakhe;akakho oyakubesabisa,ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.
5 Ngokuba bonke abantu bahamba,kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe,kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethukuze kube phakade naphakade.
6 “Ngalolo suku,” usho uJehova,“ngiyakubutha abaqhugayo,ngiqoqe abaxoshiweyo nengenze okubi kubo,
7 ngenze abaqhugayo babe yinsali,abadediselwe kude babe yisizwe esinamandla;uJehova uyakubusa phezu kwabo entabeni yaseSiyonikusukela manje kuze kube phakade.
8 Wena mbhoshongo womhlambi,negquma lendodakazi yaseSiyoni kuyakufika kuwe,yebo, ukubusa kokuqala kuyakufika,umbuso wendodakazi yaseJerusalema.”
9 Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na?Ayikho inkosi kuwe,ubhubhile umluleki wakho,lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.