1 Buthana ngamaviyo,ndodakazi yamaviyo;usivimbezele,bayakumshaya umahluleli wakwa-Israyeli ngenduku esihlathini.
2 “Kepha wena Betlehema Efratha,omncane ukuba ube phakathi kwemindeni yakwaJuda,ngiyakuphunyelwa ngovela kuwe,ozakuba ngumbusi kwa-Israyeli,okuvela kwakhe kusukela endulo ezinsukwini zaphakade.”
3 Ngalokho bayakukhashelwa,bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.
4 Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegamalikaJehova uNkulunkulu wakhe;sebeyakuhlala,ngokuba uzakuba mkhulukuze kube semajukujukwini omhlaba.
5 Ukuthula kuyakuba yilokhu:lapho umAsiriya engena ezweni lakithi,anyathele ezindlini zethu zobukhosi,siyakumvusela abelusi abayisikhombisanezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili.
6 Bayakuchitha izwe lase-Asiriya ngenkemba,nezwe lakwaNimrode ezintubeni zalo,asophule kumAsiriya,lapho engena ezweni lakithi,nalapho enyathela emikhawulweni yethu.
7 Insali yakwaJakobe iyakuba phakathi kwabantu abaninginjengamazolo avela kuJehova,ngengezihlambi otshanini ezingahlaleli muntu,zingahlaleli abantwana babantu.