6 Ngiyakusondela kuJehova nginantoni,ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na?Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa,nginamathole amnyaka munye, na?
7 UJehova uyakwenamela izinkulungwane zezinqamanezinkulungwane eziyishumi zemifula yamafutha na?Ngiyakunika izibulo lami ngenxa yesiphambeko sami,isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami, na?
8 Ukutshelile, muntu, okuhle;uJehova ufunani kuwe,kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa,uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?
9 Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi.Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa;zwanini induku noyimisileyo.
10 Kusekhona inzuzo embi endlini yababi,ne-efa* elincane eliqalekiswayo, na?
11 “Ukhona ohlanzekile onesilinganiso esibinesikhwama sezisindo ezikhohlisayo na?
12 “Abacebileyo bawo bagcwele ubudlova,nabakhileyo kuwo bakhuluma amanga,nolimi lwabo lunenkohliso emlonyeni wabo.