5 Ningamethembi umngane,ningakholwa ngumhlobo;gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.
6 Ngokuba indodana idelela uyise;indodakazi ivukela unina;umalokazana uvukela uninazala,nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
7 Kepha mina ngiyakumbheka uJehova;ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami;uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8 Ungathokozi ngami, sitha sami;ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka;lapho ngihlezi ebumnyameni,uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9 Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova,ngokuba ngonile kuye,aze amele indaba yami,angenzele ukwahlulelwa,angiphumisele ekukhanyeni,ngibone ukulunga kwakhe.
10 Isitha sami siyakukubona,sisitshekelwe ngamahloni,esona besithi kimi:“Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?”Amehlo ami ayakusibona;manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
11 Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho;ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.