3 Bheka, ungumkhoba,ungumsedari* waseLebanoni;unamagatsha amahle,namaqabunga anomthunzi,nesiqu esiphakemeyo;isihloko sawo siphakathi kwamafu.
4 Amanzi awukhulisa,utwa lwawuphakamisa;imifula yawo yahamba yazungeza indawo yokutshalwa kwawo;yayisithuma imisele yayo kuyo yonke imithi yasendle.
5 Ngalokho isiqu sawo sasiphakeme kunayo yonke imithi yasendle;izingatsha zawo zandiswa,namagatsha awo elulwangamanzi amaningi ekuwaxhantiseni kwawo.
6 Zonke izinyoni zezulu zakha emagatsheni awo,zonke izilwane zasendle zazalela phansi kwezingatsha zawo;emthunzini wawo zahlala zonke izizwe ezinkulu.
7 Wawusumuhle ebukhulwini bawo,ngobude bamagatsha awo,ngokuba impande yawo yayingasemanzini amaningi.
8 Imisedari* yasensimini kaNkulunkulu yayingenakuwusitha,imisayipuresi* yayingafani nezingatsha zawo,nemipelatani* yayingenjengamagatsha awo,futhi kwakungekho nowodwa umuthi ensimini kaNkulunkulu ofana nawo ngobuhle.
9 Ngawenza waba muhle ngobuningi bamagatsha awo,imithi yonke yase-Edene eyayisensimini kaNkulunkuluyaze yaba nomhawu.