11 Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.
12 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”
13 Futhi wathi kimi: “Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”
14 Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi.
15 Wathi kimi: “Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.”
16 Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.
17 Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.