7 Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.
8 Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni,isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa;ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo;bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,”nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”
9 “Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;bema khona;impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?
10 Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.
11 U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,esithanda ukubhula amabele;kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;sengiyakumbophela u-Efrayimi,uJuda alime,uJakobe azidubele.
12 Zihlwanyeleleni ngokulunga,niyakuvuna ngomusa;qathani umqatho wenu;sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
13 Nilime ububi,navuna okubi;nidlile izithelo zamanga,ngokuba nethemba endleleni yenunakubo ubuningi bamaqhawe enu.