Uhoseya 2 ZUL59

Umfazi ongathembekile

1 “Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.

2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane,ngokuba akasiye umkami,nami angisiyo indoda yakhe;makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,

3 funa ngimhlubule abe nqunu,ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,ngimenze ihlane,ngimbeke abe njengezwe elomileyo,ngimbulale ngokoma.

4 Angiyikuhawukela abantwana bakhe,ngokuba bangabantwana bobufebe.

5 Ngokuba unina ufebile,ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zamiezinginika isinkwa sami namanzi ami,uboya bami bezimvu nefilakisi* lami,amafutha ami nokuphuza kwami.’

6 Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva,ngakhe ugange ngakuye,ukuze angafumani imikhondo yakhe.

7 Uyakulandela izithandwa zakhe,kepha akayikuzifica;uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana;abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’

8 Kepha akazanga ukuthi yiminaengamnika amabele, newayini elisha, namafutha,ngamandisela isilivanegolide abenza ngakho uBali.

9 “Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo,newayini lami elisha ngenkathi yalo,ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lamilokusibekela ubunqunu bakhe.

10 Sengiyakwambula ihlazo lakheemehlweni ezithandwa zakhe;akuyikubakho omophula esandleni sami.

11 Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe,imikhosi yakhe,nokwethwasa kwenyanga,namasabatha akhe,nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.

12 Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakheashilo ngakho, wathi:‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ngiyakukwenza kube yihlathi,izilwane zasendle zikudle.

13 Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBaliowabashisela ngazo impepho,wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle,wazilandela izithandwa zakhe,wangikhohlwa, usho uJehova.

14 “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga,ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.

15 Lapho ngiyakumnika izivini zakhe,nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba;uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhenasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.

16 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,“ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ungasangibizi ngokuthi:‘NguBali wami.’

17 Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe,bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.

18 Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle,nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni,ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni,ngibalalise belondekile.

19 Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade,ngizimisele wena ngokulunga,nangokwahlulela, nangomusa,nangobubele.

20 Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami;uyakumazi uJehova.

21 “Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova,“ngiphendule amazulu,wona aphendule umhlaba.

22 Umhlaba uyakuphendula amabele,newayini elisha, namafutha,khona kuphendule uJizreyeli.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14