1 “Beka icilongo emlonyeni wakho;onjengokhozi wehlela indlu kaJehova;ngokuba beqile isivumelwano sami,baphambuka emthethweni wami.
2 Bakhala kimi ngokuthi:‘Nkulunkulu wethu,thina Israyeli siyakwazi.’
3 U-Israyeli ukulahlile okuhle;isitha siyakumxosha.
4 Bona bazibekela amakhosi engavelanga kimi;bamisa izikhulu, ngingazi;isiliva labo negolide labo bakwenza kwaba yizithombe zabo,ukuze banqunywe.
5 Ithole lakho, Samariya, linengekile;intukuthelo yami iyabavuthela;koze kube nini bengakwazi ukuba msulwa na?
6 Ngokuba livela ku-Israyeli;umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu;yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.
7 “Ngokuba bahlwanyele umoya,bayakuvuna isivunguvungu;izele alinahlumela, alivezi impuphu;uma liyiveza,iyakuqedwa ngabafokazi.
8 U-Israyeli uyagwinywa;manje sebephakathi kwabezizwenjengesitsha okungekho intokozo kuso.
9 Ngokuba benyukele e-Asiriyabezihambele njengezimbongolo zasendle;u-Efrayimi uyaqasha ngenkokhelo yothando.
10 Noma beqasha phakathi kwabezizwe,manje sengiyakubabutha,bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.
11 “Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona;ama-altare ayakuba ngukona kuye.
12 Noma ngimlobela imithetho yami kaningi,iyashaywa okungaziwayo.
13 Imihlatshelo yeminikelo yami bayihlaba,bayidle inyama,kepha uJehova akayenameli.Useyakhumbula ububi babo,abahambele ngezono zabo,babuyele eGibithe.
14 Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe,wakha izindlu zamakhosi,noJuda wandisile imizi ebiyelweyo,ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe,uqede izindlu zayo zobukhosi.”