Uhoseya 13 ZUL59

UNkulunkulu ulusizo olulodwa luka-Israyeli

1 Lapho u-Efrayimi ekhuluma,kwavela ukuthuthumela;wayephakeme kwa-Israyeli,kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.

2 Manje benezela ekoneni,bazenzele imifanekiso ebunjiweyo ngesiliva labonezithombe ngokuqonda kwabo,zonke ziyimisebenzi yezinyanga;bakhuluma ngabo, bathi:“Bahlaba abantu,kepha banga amathole.”

3 Ngalokho bayakuba njengamafu okusa,nanjengamazolo amuka ekuseni,nanjengamakhoba aphephethwa esibuyeninomusi ophuma ngefasitele.

4 “Nokho nginguJehova uNkulunkulu wakhokwasezweni laseGibithe;ngaphandle kwami awazi Nkulunkulu,nomsindisi akakho ngaphandle kwami.

5 Mina ngakwazi ehlane ezweni lokoma.

6 Basutha njengamadlelo abo;basutha, nenhliziyo yabo yaphakama;ngalokho bangikhohliwe.

7 Ngase ngiba njengengonyama kubo,ngiqamekela endleleni njengengwe.

8 Ngitheleka phezu kwabo njengebhere*elaphuciwe amawundlu alo,ngidwengula ubhedu lwenhliziyo,ngibadle njengengonyamakazi,isilwane sasendle sibaqaqe.

9 “Ngukuchithwa kwakho, Israyeli,ngokuba uphambene nami,usizo lwakho.

10 Iphi inkosi yakho manjeukuba ikusindise emizini yakho yonke;nabahluleli bakho, wena owathi:‘Ngiphe inkosi nezikhulu’?

11 Ngikunike inkosi ngentukuthelo yami,ngayisusa ngolaka lwami.

12 Ububi buka-Efrayimi buboshiwe,isono sakhe sibekelelwe.

13 Imihelo yobelethayo iyakumehlela;uyindodana engahlakaniphile,ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.

14 “Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo,ngibahlawulele ekufeni;ziphi izifo zakho, kufa,kuphi ukuchitha kwakho,ndawo yabafileyo, na?Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.

15 “Noma enezithelo phakathi kwabafowabo,kuyakufika umoya wasempumalanga,umoya kaJehova ovela ehlane;besewujabha umthombo,isiphethu sishe;uyakuphanga ingcebo yakhe,zonke izinto ezinxanelekayo.

16 ISamariya liyakuthwala icala lalo,ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo;bayakuwa ngenkemba,izingane zabo zichotshozwe,abakhulelweyo babo baqaqwe.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14