Uhoseya 9 ZUL59

Isiprofetho ngokuthunjwa

1 Ungajabuli, Israyeli,kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2 Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3 Abayikuhlala ezweni likaJehova;u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4 Abayikuthululela uJehova iwayini;imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;bonke abasidlayo bayakungcola,ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,singangeni endlini kaJehova.

5 Niyakwenze njani ngosuku lomhlanganonangosuku lomkhosi kaJehova na?

6 Bhekani,ngokuba bemukile ekuchithweniiGibithe liyakubabutha,iMofi libembele;izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,kube ngameva ematendeni abo.

7 Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,izinsuku zempindiselo zisondele;u-Israyeli uyakukwazi.Umprofethi uyakuba njengesiwula,umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakhonangobutha obukhulu;

8 umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9 Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;uyakhumbula ububi babo,uyabahambela ngezono zabo.

10 “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneningesikhathi sawo sokuqala.Kepha bafika eBali Peyori,bazahlukanisela okunezinhloni,baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11 Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,lumuke njengenyoni,kungabikho ukuzala, nonesisu,nokukhulelwa.

12 Noma bekhulisa abantwana babo,nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;yebo, maye kubo,lapho ngimuka kubo!

13 U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,utshalwe endaweni emnandi,kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14 “Banike, Jehova uyakunikani?Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15 “Bonke ububi babo buseGiligali;ngalokho ngabazonda khona;ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,angisayikubathanda;zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16 U-Efrayimi ushayiwe,impande yabo yomile,abayikuthela izithelo.Noma bezala,ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17 UNkulunkulu wami uyakubalahla,ngokuba abamlalelanga,babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14