Uhoseya 5 ZUL59

Ukukhohlisa kuka-Israyeli

1 “Yizwani lokhu nina bapristi,nilalele nina ndlu ka-Israyeli,nibeke indlebe nina ndlu yenkosi,ngokuba ukwahlulela kukinina,lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.

2 Abahlubuki bashone phansi ngokuhlaba kwabo,kepha ngingumlayi wabo bonke.

3 Ngiyamazi mina u-Efrayimi,u-Israyeli akafihlekile kimi,ngokuba manje, Efrayimi, ufebile,u-Israyeli uzingcolisile.

4 “Abenzi izenzo zokuba babuyele kuNkulunkulu,ngokuba umoya wobufebe uphakathi kwabo,noJehova abamazi.

5 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe;o-Israyeli no-Efrayimi bayakukhubeka ngobubi babo;naye uJuda uyakukhubeka kanye nabo.

6 Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zaboukuyofuna uJehova;kepha abayikumfumana;umonyukile kubo.

7 Bamkhohlisile uJehova,ngokuba bazalile abantwana abangabafokazi;manje inyanga eyethwasayo iyakubadla kanye nezabelo zabo.

8 “Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama;hlabani umkhosi eBeti Aveni:basemva kwakho, Benjamini!

9 U-Efrayimi uyakuba yincithakalo ngosuku lokujeziswa,ngazisile izizwe zakwa-Israyeli okuqinisekileyo.

10 Izikhulu zakwaJuda zinjengabasusa imincele;ngiyakuthulula phezu kwazo intukuthelo yami njengamanzi.

11 U-Efrayimi ucindezelekile,uchotshoziwe ekwahlulelweni,ngokuba wavuma ukulandela umyalo oyize.

12 Mina-ke senginjengenundu ku-Efrayimi,nanjengokubola kuyo indlu yakwaJuda.

13 “Lapho u-Efrayimi abona isifo sakhenoJuda isilonda sakhe,u-Efrayimi waya e-Asiriya,wathumela enkosini uJarebi;kepha ingeniphulukise,ayinakusipholisa isilonda senu.

14 Ngokuba ngiyakuba njengengonyama ku-Efrayimi,nebhongo lengonyama kuyo indlu yakwaJuda;mina yebo, mina ngiyakudwengula,besengimuka;ngiyakususa, kungekho owophulayo.

15 Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami,baze bazithwese icala labo,bafune ubuso bami;osizini lwabo bayakungifunisisa.”

Izahluko

1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14