2 Lapho bebabiza,kwaba yilokhu besuka kubo;babahlabela oBali,bashisela izithombe ezibaziweyo impepho.
3 Nokho mina ngamcathulisa u-Efrayimi;ngabaphatha ngezingalo zami,kepha abazanga ukuthi ngabaphulukisa.
4 Ngabadonsa ngezintambo zomuntu,ngamagoda othando;ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo,ngagobela kubo, ngabanika ukudla.
5 “Abayikubuyela ezweni laseGibithe,owase-Asiriya abe yinkosi yabo,ngokuba benqaba ukubuya, na?
6 Inkemba iyakutheleka emizini yabo,iqede imigoqo yayo,ibadle ngenxa yeziluleko zabo.
7 Abantu bami bahlose ukuhlehla kimi;noma bebabizela kongaPhezulu kangakanani,akakho oziphakamisayo.
8 “Ngingakunikela kanjani, Efrayimi,ngikukhaphele, Israyeli, na?Ngingakwenza kanjani ube njenge-Adima,ngikubeke ufane neSeboyimi, na?Inhliziyo iyaphenduka phakathi kwami,sonke isihawu sami sivusiwe.