7 Uyakulandela izithandwa zakhe,kepha akayikuzifica;uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana;abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8 Kepha akazanga ukuthi yiminaengamnika amabele, newayini elisha, namafutha,ngamandisela isilivanegolide abenza ngakho uBali.
9 “Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo,newayini lami elisha ngenkathi yalo,ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lamilokusibekela ubunqunu bakhe.
10 Sengiyakwambula ihlazo lakheemehlweni ezithandwa zakhe;akuyikubakho omophula esandleni sami.
11 Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe,imikhosi yakhe,nokwethwasa kwenyanga,namasabatha akhe,nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12 Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakheashilo ngakho, wathi:‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ngiyakukwenza kube yihlathi,izilwane zasendle zikudle.
13 Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBaliowabashisela ngazo impepho,wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle,wazilandela izithandwa zakhe,wangikhohlwa, usho uJehova.