10 “Bayakudla, bangasuthi kodwa;bayakufeba, bangandi kodwa,ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11 Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12 Abantu bami babuza emthini,induku yabo ibatshele,ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba,bashisa impepho emagqumeni,phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*ngokuba umthunzi wakho muhle;kungalokho amadodakazi enu ayafeba,nawomakoti benu bayaphinga.
14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,lapho efeba,nawomakoti benu lapho bephinga,ngokuba namadoda achezukela iziphingi,ahlaba kanye nezifebe zethempeli.Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
15 “Noma wena Israyeli ufeba,uJuda makangazitholeli icala;ningayi eGiligali,ningenyukeli eBeti Aveni,ningafungi ngokuthi:‘Kuphila kukaJehova.’
16 Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole;uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?