13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba,bashisa impepho emagqumeni,phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*ngokuba umthunzi wakho muhle;kungalokho amadodakazi enu ayafeba,nawomakoti benu bayaphinga.
14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,lapho efeba,nawomakoti benu lapho bephinga,ngokuba namadoda achezukela iziphingi,ahlaba kanye nezifebe zethempeli.Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
15 “Noma wena Israyeli ufeba,uJuda makangazitholeli icala;ningayi eGiligali,ningenyukeli eBeti Aveni,ningafungi ngokuthi:‘Kuphila kukaJehova.’
16 Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole;uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?
17 U-Efrayimi uhlangene nezithombe;myeke.
18 Ukuphuza kwabo sekuphelile;bayafeba nokufeba;izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.
19 Umoya ubasongile ngamaphiko awo;bayakujabha ngemihlatshelo yabo.