2 “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga,nokubulala, nokweba, nokuphinga;bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
3 Ngalokho izwe liyakudabuka,bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendlenezinyoni zezulu;yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.
4 “Makungabikho ophikisana nomunye,asole omunye;nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
5 Mpristi, uyakukhubeka emini,kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;nonyoko ngiyakumbhubhisa.
6 Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami;lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakhonami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7 Njengokwanda kwabo,kanjalo bona kimi;udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8 Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.