6 Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami;lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakhonami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7 Njengokwanda kwabo,kanjalo bona kimi;udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8 Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
9 Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi:ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,ngibuyisele kubo izenzo zabo.
10 “Bayakudla, bangasuthi kodwa;bayakufeba, bangandi kodwa,ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11 Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12 Abantu bami babuza emthini,induku yabo ibatshele,ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.