8 Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
9 Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi:ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,ngibuyisele kubo izenzo zabo.
10 “Bayakudla, bangasuthi kodwa;bayakufeba, bangandi kodwa,ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11 Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12 Abantu bami babuza emthini,induku yabo ibatshele,ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
13 Bayahlabela eziqongweni zezintaba,bashisa impepho emagqumeni,phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*ngokuba umthunzi wakho muhle;kungalokho amadodakazi enu ayafeba,nawomakoti benu bayaphinga.
14 “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,lapho efeba,nawomakoti benu lapho bephinga,ngokuba namadoda achezukela iziphingi,ahlaba kanye nezifebe zethempeli.Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.