2 Uyakusiphilisa ngezinsuku ezimbili,asivuse ngosuku lwesithathu,siphile phambi kwakhe.
3 Masimazi, sijonge ukumazi uJehova;ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa;uyakufika kithi njengemvula,njengemvula yamuva enethisa umhlaba.
4 “Ngiyakwenzani kuwe Efrayimi,ngiyakwenzani kuwe Juda, na?Uthando lwenu lunjengefu lokusa nanjengamazolo amuka ekuseni.
5 Ngalokho ngiyabashaya ngabaprofethi,ngibabulale ngamazwi omlomo wami,ukwahlulelwa kwakho kuqhame ekukhanyeni.
6 Ngokuba ngifuna uthando,hhayi umhlatshelo;ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
7 Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu;bangikhohlisa ngalokho.
8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi,linemikhondo yegazi.