6 Ngokuba ngifuna uthando,hhayi umhlatshelo;ngifuma ukumazi uNkulunkulu kuneminikelo yokushiswa.
7 Kepha baseqile isivumelwano njengo-Adamu;bangikhohlisa ngalokho.
8 IGileyadi lingumuzi wabenza okubi,linemikhondo yegazi.
9 Njengabaphangi beqamekela umuntu,isigaba sabapristi siyabulala endleleni eya eShekemi,yebo, benza okunengekayo.
10 Endlini yakwa-Israyeli ngibonile into eyesabekayo:kukhona ubufebe kwa-Efrayimi,u-Israyeli ungcolile.
11 “Nawe Juda ulungiselwe ukuvunwa,lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabantu bami.