10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,abamfunanga kukho konke lokhu.
11 “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
12 Lapho sebehamba,ngiyabenekela inetha lami,ngibehlise njengezinyoni zezulu,ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13 Maye kubo, ngokuba bangibalekele!Makube ngukuchithwa kubo,ngokuba baphambukile kimi!Bengiyakubahlenga minalabo abakhulume amanga ngami na?
14 Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo,kepha bahhewula emibhedeni yabo;banovalo ngamabele abo nangewayini labo,kepha mina bayangihlubuka.
15 Mina-ke ngafundisa,ngaqinisa izingalo zabo,nokho baceba okubi ngami.
16 Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu,bafana nomnsalo ogejayo;izikhulu ziyakuwa ngenkembangenxa yolaka lolimi lwabo.Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.