7 Bonke bashisa njengeziko,badla abahluleli babo;onke amakhosi abo ayawa,kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8 “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu:u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.
9 Abafokazi badlile amandla akhe,kepha yena akazi;izimvi zikhahlele kuye,kepha yena akazi.
10 Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe,nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo,abamfunanga kukho konke lokhu.
11 “U-Efrayimi unjengejuba elidukiswayo lingenangqondo;bayabiza iGibithe, baya e-Asiriya.
12 Lapho sebehamba,ngiyabenekela inetha lami,ngibehlise njengezinyoni zezulu,ngibajezise njengokuzwakeleyo ebandleni labo.
13 Maye kubo, ngokuba bangibalekele!Makube ngukuchithwa kubo,ngokuba baphambukile kimi!Bengiyakubahlenga minalabo abakhulume amanga ngami na?