16 Ngiyakukhipha ukwahlulela kwamiphezu kwabo ngenxa yabo bonke ububi babo,ngokuba bangihlubukile,bashisela abanye onkulunkulu impepho,bakhuleka kuyo imisebenzi yezandla zabo.
17 “Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.
18 Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.
19 Bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba nginawe,” usho uJehova, “ukuba ngikophule.”