Ujeremiya 2 ZUL59

Ukuhlubuka kuka-Israyeli

1 Lase lifika izwi likaJehova, lithi: “Hamba umemeze ezindlebeni zeJerusalema, uthi: Usho kanje uJehova, uthi:

2 “ ‘Ngikukhumbulela umusa wobusha bakho,nothando lwakho, usengumakoti,nokungilandela kwakho ehlane,izwe elingatshalwanga.

3 U-Israyeli ungcwele kuJehova,ululibo lwezithelo zakhe;bonke abazidlayo bayathola icala,okubi kuyakubehlela,’ ” usho uJehova.

4 Zwanini izwi likaJehovanina ndlu kaJakobe,nani mindeni yonke yendlu ka-Israyeli.

5 Usho kanje uJehova, uthi:“Ububi buni oyihlo ababufumene kimi,baze badeda kude nami,balandela okuyize, baba yize, na?

6 Abashongo ukuthi:‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe,wasihola ehlaneezweni lezingwadule nelemigodi,ezweni elomileyo nelethunzi lokufa,ezweni elingadatshulwa muntu,nalapho kungahlali muntu khona, na?’

7 Nganingenisa ezweni elivundileyoukuba nidle izithelo zalo nokuhle kwalo,kepha lapho seningenile,nalingcolisa izwe lami,nenza ifa lami laba yisinengiso.

8 Abapristi abashongo ukuthi:‘Uphi uJehova?’Abaphethe umthetho babengazi,ababusi baphambuka kimi,abaprofethi baprofetha ngoBali,balandela okungenakusiza.

9 “Ngalokho ngiyakuphikisana nani,” usho uJehova,“ngiphikisane nabantwana babantwana benu.

10 Dlulani eziqhingini zaseKitimi, nibone,nithume eKedari, niqonde kahle,nibone uma yake yaba khona into enjengalena na?

11 Isizwe sike senana ngawonkulunkuluabangesibo onkulunkulu na?Kepha abantu bami benanile udumo lwabongokungenakusiza.

12 Mangalani ngalokho, mazulu,nithuthumele, nichitheke impela,” usho uJehova.

13 “Ngokuba abantu bami benzile okubi okubili:bangishiyile, umthombo wamanzi aphilileyo,bazigubhele imithombo,imithombo evuzayo,amanzi angenakuhlala kuyo.

14 U-Israyeli uyisigqila yini,uyisigqila esazalelwa ekhaya na?Waba kanjani impango na?

15 Amabhongo ezingonyama abhongile phezu kwakhe, akhonya,alenza izwe lakhe laba yincithakalo;imizi yakhe ishisiwe,kungekho owakhe kuyo.

16 Nabantwana baseNofi naseThahipanesibaphuca ukhakhayi lwakho.

17 Awuzenzeli lokhu wenangokushiya kwakho uJehova uNkulunkulu wakho,lapho ekuhola endleleni, na?

18 Manje unani endleleni eya eGibitheukuba uphuze amanzi aseSihori, na?Unani endleleni eya e-Asiriyaukuba uwaphuze amanzi omfula na?

19 Ububi bakho buyakukulaya,nokuhlehla kwakho kuyakukusola;yazi, ubone ukuthi kuyinto embi nebabayoyokuthi umhlubukile uJehova uNkulunkulu wakhonokuthi ukungesaba akukho kuwe,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

20 “Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo,wazigqabula izibopho zakho,wathi: ‘Angiyikukhonza.’Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyonaphansi kwayo yonke imithi eluhlazawalala njengesifebe.

21 Mina ngakutshala ungumvini omuhle,imbewu elungileyo yodwa;pho, uphenduke kanjani waba yigatsha elonakeleyo kimi,elomvini wabezizwe, na?

22 Ngokuba noma ugeza ngesoda,*uzithathele insipho eningi,ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” isho iNkosi uJehova.

23 “Ungasho kanjani ukuthi:‘Angingcolile,angilandelanga oBali,’ na?Bheka indlela yakho esigodini,wazi ukuthi wenzeni:uyikamela lensikazi elinejubane,elizulazula ezindleleni zalo,

24 nembongolo yasendle ejwayele ihlane,esezela umoya ngokukhanuka kwayo;ngubani ongavimbela inkanuko yayo na?Bonke abayifunayo abayikukhathala,bayakuyifumana ngenyanga yayo.

25 Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo,nomphimbo wakho ukuba ungomi;kepha wathi: ‘Kuyize;cha, ngithandile abafokazi,ngiyakubalandela.’

26 “Njengesela linamahloni,lapho selifunyenwe,kanjalo indlu yakwa-Israyeli iyakuba namahloni,bona kanye namakhosi abo,nezikhulu zabo,nabapristi babo, nabaprofethi babo

27 abathi emthini: ‘Ungubaba,’nasetsheni: ‘Wena wangizala.’Ngokuba bangifulathele, abangibheki;kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabobayakusho ukuthi:‘Vuka, usisindise.’

28 Baphi onkulunkulu bakhoozenzele bona na?Mabavuke, uma bengakusindisangesikhathi sokuhlupheka kwakho,ngokuba njengomumo wemizi yakho,banjalo onkulunkulu bakho, Juda.

29 “Niphikisanelani nami na?Niphambukile kimi nonke,” usho uJehova.

30 “Ngibashayele ize abantwana benu,abakwamukelanga ukulaywa;inkemba yenu ibadlile abaprofethi benunjengengonyama echithayo.

31 “Wena sizukulwane, bheka izwi likaJehova.“Bengiyihlane ku-Israyeli,noma izwe lesigayegaye, na?Basholoni abantu bami ukuthi:‘Sesidlubulundile,asisayikubuyela kuwe,’ na?

32 Intombi ingakhohlwa yini izivunulo zayo,nomakoti ixhama lakhe, na?Nokho abantu bami bangikhohliwe izinsuku ezingenakubalwa.

33 Ulungisa kahle kanjaniindlela yakho ukufuna uthando!Ngalokho nabesifazane ababiubafundisile izindlela zakho.

34 Nasemiphethweni yakho kufunyenwe igazilabampofu abangenacala,kungabi ngukuthi ubafumene befohla.Kepha kukho konke lokhu

35 uthi: ‘Anginacala.’Nempela intukuthelo yakhe ibuyile kimi.Bheka, ngiyakwahlulelana nawe,ngokuba uthi: ‘Angonanga.’

36 Usheshelani kangakaukuyiguqula indlela yakho na?Uyakujabha nangeGibithe,njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.