Ujeremiya 48 ZUL59

Isiprofetho ngoMowabi

1 NgoMowabi.Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:“Wo kulo iNebo,ngokuba lichithekile,iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe;iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.

2 Udumo lukaMowabi alusekho;eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi:Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe.Nawe Madimeni uyakuthuliswa,inkemba ikulandele.

3 Izwi lokukhala livela eHoranayimi,ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.

4 UMowabi uchithekile;abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.

5 Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite,bekhala njalo,nasekwehleni ukuya eHoronayimibezwile usizi lokukhala kwencithakalo.

6 Balekani, nisindise ukuphila kwenu,nibe njengesihlahla esiyize ehlane.

7 Ngokuba ngenxa yokwethembakwakho imisebenzi yakhonengcebo yakho nawe uyakubanjwa,uKemoshi aye ekuthunjweni,abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

8 Umchithi uyakufikela yonke imizi,akuyikuphunyuka muzi;isigodi siyakuchithwa,ithafa liqothulwe,njengalokho uJehova eshilo.

9 Nikani uMowabi amaphiko,ngokuba uyakundiza, aphume;imizi yakhe iyakuba yincithakalo,kungabikho osahlala kuyo.

10 “Makaqalekiswe owenza umsebenzikaJehova ngokunganakekeli,aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

11 “UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,uphumulile enhleseni yakhe,kathululwanga ezitsheni ngezitsha,akayanga ekuthunjweni;ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,nephunga lakhe aliguquki.

12 Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayoabayakumthambeka,bazithulule izitsha zakhe,baziphohloze izimvaba zakhe.

13 UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,ithemba labo.

14 “Ningasho kanjani ukuthi:‘Singamaqhawenamadoda anamandla okulwa’ na?

15 Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

16 “Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,usizi lwakhe lushesha kakhulu.

17 Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,udondolo oluhle!’

18 “Yehla ebukhosini bakho,uhlale womile,ndodakazi, ohlala eDiboni,ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,achithe izinqaba zakho.

19 Yima endleleni,uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:‘Kwenze njani na?’

20 UMowabi ujabhile, uphelile amandla;hhewulani, nikhale,nikwazise e-Arinoniukuthi uMowabi uchithiwe.

21 Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22 neDiboni, neNebo,neBeti Dibilatayimi,

23 neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,neBeti Mehoni,

24 neKeriyote, neBosira,nemizi yonke yezwe lakwaMowabiekude noma eseduze.

25 Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26 “Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

27 U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?Wafunyanwa phakathi kwamasela,njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,unikina ikhanda, na?

28 Shiyani imizi,nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

29 Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu,ukuziphakamisa kwakhe,nokuzidla kwakhe,nokuziqhenya kwakhe,nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

30 Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova;“amacebo akhe ayinkohliso,nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

31 Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi,ngikhale ngaye wonke uMowabi,balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

32 Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri;amagatsha akho adlulile ulwandle,afinyelela elwandle lwakwaJazeri;umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.

33 Ukuthokoza nokujabula kususiweensimini nasezweni lakwaMowabi;ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni;akusayikunyathelwa ngokujabula,ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

34 “Kusukela eHeshiboni elikhalayoliyezwakalisa ukukhala kwalokuze kube se-Elehale naseJahasi,kusukela eSowari kuze kube seHoronayiminase-Egilati Shelishiya,ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.

35 Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova,“yena onikela ezindaweni eziphakemeyonoshisela onkulunkulu bakhe impepho.

36 “Ngalokho inhliziyo yamiikhalela uMowabi njengemitshingo,futhi inhliziyo yamiikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo,ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.

37 Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla,nazo zonke izilevu zigundiwe;zonke izandla zisikiwe,nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.

38 Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabinasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela,ngokuba ngimaphulile uMowabinjengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.

39 “Yeka ukuphela kwakhe amandla.Hhewulani!Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni,uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandlakubo bonke abamzungezayo.”

40 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, uyandiza njengokhozi,elulele amaphiko akhe kuMowabi.

41 Imizi inqotshiwe,nezinqaba zithathiwe;izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabiziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

42 UMowabi uyakuchithwa,angabe esaba yisizwe,ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.

43 Ukwesaba, nomgodi, nogibekuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” usho uJehova.

44 “Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini,okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni,ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo,phezu kukaMowabi,umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.

45 “Emthunzini waseHeshiboniababalekileyo bayema bephelile amandla,ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni,nelangabi phakathi kweSihoni;udlile amacele akwaMowabi,nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.

46 Maye kuwena Mowabi!Abantu bakaKemoshi baphelile,ngokuba amadodana akho athunjiwe,namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.

47 Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabingezinsuku ezizayo,” usho uJehova.Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.