1 Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.
2 Usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,abe ngumfula okhukhulayo,akhukhule izwe nokugcwala kwalo,umuzi nabakhileyo kuwo;abantu bayakukhala,bonke abakhileyo ezweni bahhewule.
3 Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,nangokuduma kwezinqola zakhe,nangodumo lwamasondo akheoyise ababheki emuva kubantwanangenxa yobuthakathaka bezandla zabo
4 ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilistinokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,insali yesiqhingi saseKafitori.
5 Ubumpandla bulehlele iGaza;i-Ashikeloni liphelile,insali yesigodi sabo;uyakuzisika kuze kube nini na?
6 “Awu wena nkemba kaJehova,koze kube nini ungathuli na?Buyela emgodleni wakho,uthule, uzole.
7 Ingathula kanjani,lapho iyalezwe nguJehova, na?Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”