Ujeremiya 30 ZUL59

Ukuphulukiswa kuka-Israyeli noJuda

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:

2 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe.

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”

4 Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.

5 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela,elokwesaba kungengelokuthula.

6 Ake nibuze, nibone, uma owesilisawake wabeletha na?Ngibonelani onke amadodaenezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo,ubuso bonke buphaphathekile, na?

7 Maye, lukhulu lolo suku,alukho olunjengalo!Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe,kepha uyakusindiswa kukho.

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti,‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo,ngigqabule izibopho zabo,abafokazi bangabe besabakhonzisa,

9 kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo,noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena.

10 “ ‘Ungesabi wena Jakobe,nceku yami,’ usho uJehova,‘ungapheli amandla, Israyeli,ngokuba bheka,ngiyakukusindisa usekude,nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,angesatshiswa muntu.

11 Ngokuba mina nginawe,’ usho uJehova,‘ukuba ngikusindise,ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyozonke izizwe engikuhlakazele kuzo,kepha wena angiyikukuqeda,kodwa ngiyakukulayangokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala.’

12 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa,nesilonda sakho sinzima.

13 Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe;umuthi wokuphilisa awunawo.

14 Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe,azisakufuni,ngokuba ngikushayile ngokushaywakwezitha, ngokulaywa kononya,ngenxa yobuningi bokona kwakho,nangokuba izono zakho zandile.

15 Ukhalelani ngokulimala kwakhoukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na?Ngenxa yobuningi bokona kwakhonangokuba izono zakho zandilengenze lokho kuwe.

16 “ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa,nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana,nabakuphangayo bayakuphangwa,nabo bonke abakwamukayongiyakubanikela ukuba bamukwe.

17 Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe,ngelaphe izilonda zakho,’ usho uJehova,‘ngokuba bakubize ngokuthi OxoshiweyoneSiyoni elingafunwa muntu.’

18 “Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Bheka,ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe,ngiwahawukele amakhaya akhe;umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo,indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.

19 Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo;ngiyakubenza babe baningi,bangabi ngabayingcosana,ngibadumise, bangeyiswa.

20 Abantwana bakhe bayakuba njengakuqala,ibandla lakhe lime phambi kwami,ngijezise bonke abamcindezelayo.

21 Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye,nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe;ngiyakumsondeza, asondele kimi,ngokuba ngubani oke waba nesibindisokusondela kimi na?’ usho uJehova.

22 “ ‘Niyakuba ngabantu bami,mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”

23 Bheka, isivunguvungu sikaJehova!Ukufutheka kwakhe kuphumile,isivunguvungu esichithayo;siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi.