Ujeremiya

Izahluko 12

Ibhayibheli Elingcwele

1 Ulungile wena Jehova,noma ngimelana nawe;ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:iphumelelani indlela yababi,kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na? 2 Ubatshalile, futhi bagxilile;bayakhula, bathela izithelo;useduze nomlomo wabo,kepha ukude nezinhliziyo zabo. 3 Kepha wena Jehova uyangazi,uyangibona, uvivinya inhliziyo yamiukuthi injani kuwe;bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,ubalungisele usuku lokuhlatshwa. 4 Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.” 5“Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na? 6 Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

Ukumenyezelwa kokubhujiswa

7“Ngiyishiyile indlu yami,ngililahlile ifa lami,nginikele othandiweyo womphefumulo wamiesandleni sezitha zakhe. 8Ifa lami likiminjengengonyama ehlathini;lingiphumisele izwi;ngalokho ngiyalizonda. 9 Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,amanqe angakulo alihaqile nxazonke;hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,nizilethe, zidle. 10Abelusi abaningi basichithile isivini sami,basinyathele phansi isabelo sami,benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo. 11Basenze incithakalo;siyincithakalo, sikhala kimi;izwe lonke lichithiwe,kepha akakho okubeka enhliziyweni. 12Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho,ngokuba inkemba kaJehova iyadla,kusukela komunye umkhawulo womhlabakuze kufike komunye,nenyama enokuthula ayikho. 13 Bahlwanyele ukolweni,bavuna ameva,bakhandlekile bengasizakalanga;yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenungenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.” 14Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo. 15Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo. 16Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami. 17Kepha uma bengalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe, ngisichithe,” usho uJehova.