4 Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:
5 “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi;ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa,ngakubeka umprofethi ezizweni.”
6 Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”
7 Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.
8 Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.
9 UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
10 Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”