9 UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.
10 Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”
11 Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*
12 Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”
13 Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?”Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”
14 Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.
15 Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova.“Iyakufika, yilowo nalowoubeke isihlalo sawo sobukhosiezikhaleni zamasango aseJerusalema,nakuzo zonke izingange zalo nxazonke,nakuyo yonke imizi yakwaJuda.