11 “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”
12 Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.
14 Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi;bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.
15 Ziyize, umsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
16 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke;u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,nguJehova Sebawoti igama lakhe.
17 Qoqa umshuqulo wakho ezweniwena ohlezi ekuvinjezelweni.