15 Ziyize, umsebenzi wenkohliso;ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.
16 Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,ngokuba nguye obumbile konke;u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,nguJehova Sebawoti igama lakhe.
17 Qoqa umshuqulo wakho ezweniwena ohlezi ekuvinjezelweni.
18 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:“Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyoezweni ngalo mzuzwana,ngibacindezele ukuze bakuzwe.”
19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!Ukushaywa kwami kunzima.Kepha ngithi mina:“Nempela lokhu kulusizi lwami,ngiyakuluthwala.”
20 Itende lami lichithakele,zonke izintambo zami zigqabukile;abantwana bami basukile kimi,kabasekho;kasekho owokwelula itende laminowokumisa izilenge zami.
21 Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,abamfunanga uJehova;ngalokho abaphumelelanga,nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.