19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!Ukushaywa kwami kunzima.Kepha ngithi mina:“Nempela lokhu kulusizi lwami,ngiyakuluthwala.”
20 Itende lami lichithakele,zonke izintambo zami zigqabukile;abantwana bami basukile kimi,kabasekho;kasekho owokwelula itende laminowokumisa izilenge zami.
21 Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,abamfunanga uJehova;ngalokho abaphumelelanga,nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.
22 Bheka, kusondela izwi lombiko,nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho,ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo,indawo yokuhlala kwamakhanka.
23 Ngiyazi, Jehova,ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo;akukuyo indoda ukuba ihambe,iqondise izinyathelo zayo.
24 Ngilaye, Jehova,kepha ngokwahlulela,kungabi ngentukuthelo yakho,funa ungenze into engelutho.
25 Thulula ukufutheka kwakho phezukwabezizwe abangakwaziyonaphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,ngokuba bamdlile uJakobe;yebo, bamdlile bamqeda,balichitha ikhaya lakhe.