8 Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;ngukulaya kwezithombe;kungumuthi nje,
9 nezingcwecwe zesilivaezilethwe zivela eTharishishinegolide lase-Ofiri,umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,kugqokiswe okuluhlaza nokububende,kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.
10 Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.
11 “Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”
12 Wawenza umhlaba ngamandla akhe,walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.
13 Lapho elizwakalisa izwi lakhe,kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,enzele imvula unyazi,awukhiphe umoya endlini yengcebo.
14 Bonke abantu bayiziphukuphuku,abanakwazi;bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,nomoya awukho kuzo.