12 Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo.
13 Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’
14 “Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.
15 “Othandiweyo wami unani endlini yamilapho enza amacebo nabaningi na?Inyama engcwele ingavela kuwe,lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”
16 UJehova wabiza igama lakhongokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo,onezithelo ezinhle;ngomsindo wesidumo esikhuluuyakuphemba umlilo kuwo,kwaphuke amagatsha awo.
17 “UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”
18 UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.