14 “Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.
15 “Othandiweyo wami unani endlini yamilapho enza amacebo nabaningi na?Inyama engcwele ingavela kuwe,lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”
16 UJehova wabiza igama lakhongokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo,onezithelo ezinhle;ngomsindo wesidumo esikhuluuyakuphemba umlilo kuwo,kwaphuke amagatsha awo.
17 “UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”
18 UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.
19 Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi:“Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo,simnqume ezweni labaphilayo,igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
20 Jehova Sebawoti,mahluleli olungileyo,ovivinya izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.