17 “UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”
18 UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo.
19 Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi:“Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo,simnqume ezweni labaphilayo,igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”
20 Jehova Sebawoti,mahluleli olungileyo,ovivinya izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.
21 “Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’
22 ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala,