5 ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ -- njenganamuhla.”Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”
6 Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze.
7 Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”
8 Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ”
9 Wayesethi uJehova kimi: “Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema.
10 Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise.
11 Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.