1 Ulungile wena Jehova,noma ngimelana nawe;ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:iphumelelani indlela yababi,kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?
2 Ubatshalile, futhi bagxilile;bayakhula, bathela izithelo;useduze nomlomo wabo,kepha ukude nezinhliziyo zabo.
3 Kepha wena Jehova uyangazi,uyangibona, uvivinya inhliziyo yamiukuthi injani kuwe;bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
4 Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.”
5 “Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
6 Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”