10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami,basinyathele phansi isabelo sami,benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.
11 Basenze incithakalo;siyincithakalo, sikhala kimi;izwe lonke lichithiwe,kepha akakho okubeka enhliziyweni.
12 Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho,ngokuba inkemba kaJehova iyadla,kusukela komunye umkhawulo womhlabakuze kufike komunye,nenyama enokuthula ayikho.
13 Bahlwanyele ukolweni,bavuna ameva,bakhandlekile bengasizakalanga;yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenungenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”
14 Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.
15 Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.
16 Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.