4 Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.”
5 “Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
6 Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
7 “Ngiyishiyile indlu yami,ngililahlile ifa lami,nginikele othandiweyo womphefumulo wamiesandleni sezitha zakhe.
8 Ifa lami likiminjengengonyama ehlathini;lingiphumisele izwi;ngalokho ngiyalizonda.
9 Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,amanqe angakulo alihaqile nxazonke;hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,nizilethe, zidle.
10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami,basinyathele phansi isabelo sami,benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.