15 Zwanini, nibeke indlebe;ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.
16 Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,engakalihlwisi,futhi zingakakhubeki izinyawo zenuezintabeni zokuhwelela,nothi nisabheka ukukhanya,akuphendule ithunzi lokufa,akwenze kube yisigayegaye.
17 Kepha uma ningalaleli,umphefumulo wami uyakukhalangasese ngokuzidla kwenu;iso lami liyakukhala nokukhala,limululeka izinyembezi,ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18 Yisho kuyo inkosinakuyo indlovukazi ukuthi:“Hlalani phansi ngokuzithoba,ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,umqhele wodumo lwenu.”
19 Imizi yaseningizimu ivaliwe,akakho ovulayo;wonke uJuda uthunjiwe,uthunjiwe ngokupheleleyo.
20 Phakamisani amehlo enu,nibone abavela enyakatho;uphi umhlambi owaphiwa wona,izimvu zakho ezinhle, na?
21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakholabo okade ubafundisileukuba babe ngabangane bakho,babe yinhloko, na?Awuyikubanjwa lusizinjengowesifazane obelethayo na?