17 Kepha uma ningalaleli,umphefumulo wami uyakukhalangasese ngokuzidla kwenu;iso lami liyakukhala nokukhala,limululeka izinyembezi,ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18 Yisho kuyo inkosinakuyo indlovukazi ukuthi:“Hlalani phansi ngokuzithoba,ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,umqhele wodumo lwenu.”
19 Imizi yaseningizimu ivaliwe,akakho ovulayo;wonke uJuda uthunjiwe,uthunjiwe ngokupheleleyo.
20 Phakamisani amehlo enu,nibone abavela enyakatho;uphi umhlambi owaphiwa wona,izimvu zakho ezinhle, na?
21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakholabo okade ubafundisileukuba babe ngabangane bakho,babe yinhloko, na?Awuyikubanjwa lusizinjengowesifazane obelethayo na?
22 Uma uthi enhliziyweni yakho:Ngehlelelweni yilezi zinto na?Ngobukhulu bokona kwakhoimiphetho yakho iphakanyisiwe,nezithende zakho ziyadlovulwa.
23 UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,nengwe amabala ayo, na?Khona ningenza okuhlenina enifundisiwe ukwenza okubi.