9 “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.
10 Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.
11 Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’
12 “Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’
13 Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.
14 Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”
15 Zwanini, nibeke indlebe;ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.